ULALELA Mswane ozobonakala ethula uhlelo lwezinkulumo-ngxoxo, iDaily Thetha kwiSABC1 kusuka ngenyanga ezayo Isithombe: SITHUNYELWE
UTHI usekubheke ngabomvu ukuba nezinkulumo ezakhayo uLalela Mswane, okuzothi kusuka ngo-Okthoba 23, abe ngomunye wabethuli bohlelo iDaily Thetha kwiSABC1.
ULalela uzokwethula lolu hlelo lwezinkulumo-ngxoxo ezisuke zikhuluma ngezinto ezithinta itsha, ezemfundo nezinye ezakha umphakathi, uzosakaza ngokubambisana noMxolisi Masango.
Le ntokazi yaseMtubatuba yathatha isicoco sikaMiss SA ngo-2021.
Ngo-2022 yakhala yemuka nesicoco sikaMiss Supranational emcimbini owawusePoland.
Ekhuluma ngokuba sohlelweni, uveze ukuthi ujabule ngokuthola ithuba futhi uyabonga kakhulu kubasunguli balo kanjalo nesiteshi seSABC ngokumnika ithuba.
“Engikuthanda ngalolu hlelo wukuthi lukhuluma ngezinto ezithinta imfundo kakhulu nezithinta intsha. Ngizokujabulela ukuhlala nentsha, ngizwe izinkinga zayo, sixoxe ngezinto ezibayisa phambili. Ngiyabonga kakhulu ngokuthola leli thuba futhi ngeke ngize ngilikhohlwe.
Ngiyabonga nakulo lonke ithimba elingamukele ngezandla ezimhlophe ngesikhathi ngiqala ukuqopha emasontweni adlule,” kusho uLalela.
Uthe uyazi ukuthi bekungelula ukuthi bamnike ithuba elifana naleli njengoba bebaningi abebengalithola kodwa lagcina lithathwe nguye.
“Ngalolu hlelo ngifuna ukwakha izwe ngezingxoxo esizoba nazo. Ngifuna usuku nosuku kube khona umuntu esimsizayo. Ngiyathemba izibukeli nazo zizobamba iqhaza ohlelweni, zizongithanda futhi sibambane ngesandla ukuya phambili,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ngeke kube wumthwalo onzima ukukhuluma nentsha nokuyikhuthaza njengoba enenhlangano, iLalela Foundation egxile ekusizeni izingane, intsha engenabo abazali.
Related Topics: