UFIKISELA amahloni umuzi wowayengumengameli wezwe, uMnuz Nelson Mandela ayehlala kuwona kudala elokishini e-Alexandra, esuka e-Eastern Cape lapho ayedabuka khona.
Uhulumeni kuthiwa wayethembise ukuthi lo muzi uzoshintshwa ube yindawo egcina amagugu omlando ngoMadiba kodwa lokhu akukenzeki.
Isakhamuzi esesihlale isikhathi eside endaweni sithi sesihambe kwaze kwaguga izicathulo sizama ukunxenxa uhulumeni kodwa akulungi.
ULinda Twala uthi miningi imizi eyayihlala amaqhawe omzabalazo nemigwaqo yaseSoweto eshintshwe yabizwa ngabo kodwa le ndlu isele yodwa.
“Baningi abaholi abafika la bathembisa ukuthi le ndawo izoba yisikhungo somlando esihloniphekile. Ngisho lokhu okuncane okubonayo okuyisiqeshana somlando ngabaphoqa ukuthi basifake bengazimisele,” kuchaza uTwala.
Kuvele ukuthi indlu isinezimfa nophahla alukho esimeni esifanele, kuyabonakala nje ukuthi ayinakiwe. Indlu yakhelene nesikhungo somlando esingaphesheya kwayo futhi uTwala uthi uke wacela ukuthi indlu ifakwe ngaphansi kwaso ukuze inakekelwe.
UFrance Khuinana (23) ohlala kule ndlu nonina ongasebenzi, uthe akasiboni isimanga ngokuhlala endlini kaMandela.
“Yilona khaya lami engilaziyo leli, alikho elinye futhi izivakashi ziyafika zizobona indlu mina angisiboni isimanga kulokhu. Uma befika thina singena endlini sivale besale bethatha izithombe,’’ kusho uKhuinana.
AbakwaMasipala iJohannesburg bacele ukunikwa isikhathi esithe xaxa.-INational Heritage Council of South Africa ithe indlu ingaphansi kukamasipala ngeke yande kakhulu ngayo.
Isikhulu esiphezulu kwiNelson Mandela Foundation uSello Hatang uthe abayona ingxenye yesivumelwano sokuvuselelwa komuzi kaMandela kodwa sebeke basithola isikhalo sokuthi bangenelele.
Okhulumela i-ANC esifundazweni eGauteng, uTasneem Motara uthe abazi ukuthi ubani obhekelele indlu.