U-BRIDGET Masango ongusihlalo wekomiti lezeNhlalakahle ePhalamende Isithombe: SiITHUNYELWE
Image: SITHUNYELWE
KUNETWETWE kwabanye abahola izibonelelo zikahulumeni asebeshintshele emakhadini amnyama asePostbank, besuka kwayigolide akwa-Sassa, abahlangabezane nezinkinga zokungayifici imali ngesikhathi beyohola.
Abanye kuthiwa bakhale ngokuthi imali yabo ayiphelele, kwathi abanye bakhala ngokuthi bathe befaka i-pin, kwathiwa ayisebenzi.
Lezi zinkinga zivezwe amalungu ekomiti lezeNhlalakahle ePhalamende izolo, ngesikhathi iPostbank ivele phambi kwaleli komiti izochaza ngezinselelo ezibhekene nohlelo lokushintshwa kwamakhadi akwa-Sassa ayigolide, kushintshelwa kwamnyama asePostbank.
Usihlalo wekomiti uNksz Bridget Masango, uthe uthole inqwaba yezikhalo kulabo asebeshintshele emakhadini amasha amnyama, ngezinkinga abahlangabezane nazo sebethi beyokhipha imali.
Ubale eyokufika itshe lome inhlama imali ingekho, noma kukhona engaphelele kanjalo nokuthi i-pin akuyona.
"Kunengebhe kubantu abaningi abashintshile ngoba basitshela ngalezi zinto ezintathu abathi ziyenzeka. Kuvele kunetwetwe kubantu ngalolu hlelo lokushintshwa kwamakhadi okunezinkinga. Le nkinga ayisukunyelwe ngokushesha ngoba akusizi ukushintsha bese imali yakho ungayifici," usho kanje.
Nelinye ilungu lekomiti uNksz Alexandra Abrahams, lithe lizitholile izikhalo kwizaguga ngenkinga yokufica imali engaphelele.
"Udaba esengilubikile ngisho kwa-Sassa ukuthi kunale nkinga yokuthi abanye asebehola ngamakhadi amnyama bafice imali engaphelele. Lokhu kudinga ukulungiswa ngokushesha ngoba kudala itwetwe," kusho uNksz Abrahams.
UNkk Nikki Mbengashe isikhulu esiphezulu sePostbank, uthe abanye abantu uthola ukuthi amakhadi asuke ekomashonisa, bese beshesha bekhipha imali ngosuku lokuhola.
Uthe abanye abantu bakhohlwa yi-pin yabo, beqeda ukuyenza bese kuthi uma sebeyokhipha imali, uthole ukuthi sebeyikhohliwe.
"Sinenkinga yomashonisa ngoba abanye basuke behamba nabo beyokhipha imali. Uthi angaqeda ukuyikhipha esebone ne-pin, bese ethatha ikhadi ahambe nalo umashonisa. Ngenyanga elandelayo uyikhipha yena imali. Zikhona izehlakalo lapho uthola ukuthi abahola izibonelelo bafika sebefuna ukwenzelwa amakhadi amasha ngoba amadala ekomashonisa noma sebewalahlile. Asinazo izinkinga zokuthi imali ingabikhona kuma-akhawunti abaholayo ngoba imali isuke ifakiwe," usho kanje.
Amalungu ancome nomnyakazo owenziwe yiPostank, wokushintsha amakhadi.
UNkk Mbengashe uthe sebezilungisile ezinye zezinkinga ebezikhona ezibandakanya ukushoda kwabasebenzi abashintsha amakhadi.
"Ngingasho nje ukuthi angaphezulu kuka-900 000 amakhadi aseshintshiwe kuleli. Sisasalelwe angu-1.9 million okusamele siwashintshe. Phansi amaphaphu kulabo abangakawashintshi ngoba bazoqhubeka nokuyithola imali yabo ngisho sekudlule umnqamulajuqu wokuwashintsha, ongoMeyi 20."
Uveze nokuthi noma usudlulile umnqamulajuqu bazoqhubeka bawashintshe amakhadi.
"Ayagcina ukusebenza amakhadi ayigolide akwa-Sassa kusuka ngoMashi 20. Kodwa imali yabantu izobakhona noma wona engasasebenzi. Siyanxusa ukuthi abantu baye koshintsha amakhadi abo kube ngamnyama," kusho uNkk Mbengashe.
Amalungu ePhalamende athe kumele iPostbank isebenzise izinhlelo ezehlukene ukugqugquzela abantu ukuthi bashintshe amakhadi.
IPostbank ithe sekuphele izinyanga eziyisithupha lolu hlelo yaluqala kanti ithe inethemba lokuthi luzophothulwa ngempumelelo.
Related Topics: